Mayelana nathi

"Amathuluza" okugqugquzela anika ugqozi kwisizukulwane esilandelayo esenza ucwaningo..

Singobani Thina



Umklamo weziNkampani Ezahlukene, iyimakethe eyenza ucwaningo nemiklamo bese yenza kube lula ukuqoqa, ukucwaninga nokubika ngolwazi oluqondene nayo le makethe. Sizama ngawo wonke amandla ukwenza le makethe yocwaningo ibe lula ngokusebenzisa izinkundla zemiklamo yethu zokuxhumana eziseqophelweni eliphezulu. (online survey platforms). Sinikeza ulwazi oluvelele / olusezingeni oluphezulu lwezinkundla zokuxhumana zemiklamo (online survey platforms), olubhekelela ukuthi zonke izimfuno zamakilayenti ethu akhulayo kumhlaba wonke.

Sinikeza ngosizo oludingekayo kumakilayenti ethu ukuze akwazi ukuqhubekela phambili, akhule, aqaphele futhi afunde.

Njengoba singenye yezinkampani zemiklamo ezihamba phambili kumhlaba wonke ngokuxhumana nge"online", Sinikeza amakhasimende ethu izindlela ezehlukene zokujoyina abe ngaphansi kohlelo lwethu, oluzowangenisa kuhlelo lokuqala lokuzwa amanzi ngobhoko lwe-akhawunti engakhokhisi, uhlelo lwesiliva negolide. Izinhlelo zethu zakhiwe ngale ndlela yokuthi zikunika ukushintsha shintsha okudingayo ngokuthanda okuzohambisana nebhajethi obhekene nayo kanye nosizo oludingayo. Ukuze wazi kabanzi mgezinsiza zethu, funda ngokwenzakalayo mayelana nokuphathwa kwezinkampani namabhizinisi ethu kanye nokuqalwa kwamasha. (Enterprise Solutions) .
Izinkundla zeMiklamo Yezinkampani Ezehlukene zikanye nalezo zinkundla zemiklamo ezihamba phambili kumhlaba wonke, zinikeza labo abazisebenzisayo imigomo enhlobonhlobo abangayisebenzisa, kuncike ekutheni bakhethe ukujoyina ngaphansi kwaluphi uhlelo. Izinhlelo zethu zakhiwe ngale ndlela yokuthi zikunika ukushintshashintsha okudingayo ngokuthanda okuzohambisana nebhajethi obhekene nayo kanye nosizo oludingayo.

Imakethe Yocwaningo

Sisiza izinhlangano zithathe izinqumo ezisuselwa kulwazi oluqoqiwe, kusetshenziswa umklamo wetheknology osezingeni eliphezulu.

Imfundo noQeqesho
Sisebenzisana nezikhungo zemfundo ephakeme ukugqugquzela isizukulwane sabacwaningi esilandelayo /esisakhula ukuthi sikwazi ukungena sisebenzise izinkundla imiklamo yezinkampani ezehlukene, kanyekanye nezinsiza esizihlelele ukuba zibhekane ngqo nokuba yingxenye yohlelo olusaphotha imfundo ephakeme.


Usizo Lwezempilo noHulumeni
Njengoba imithetho emiselwe ukulandelwa iy ngokuqina, thina siba ngakulezo zikhungo ezithintekile ukuze sinike isaphothi edingakalayo yocwaningo ukuqinisekisa ukulandelwa komthetho ngokuphelele, ngokusebenzisa izinto eziningi ezicubungulayo kanye nemikhiqizo ebhekene nokulandelwa komthetho, ngokunjalo nezixazululo esizinikezayo.

Okuqondene Nezimali, Umshuwalense Nokubhenka
Njengoba ukuncintisana (competition) kuya ngokwanda kulabo abahlukene abanikeza usizo, kuba nesidingo esikhulu esibhekene nezinhlangano sokuthi kumele ziqale zikhuphule izinga lokulalela ukuthi amakhasimende azo ngabe athini mayelana nemikhiqizo yazo kanye nosizo lwabo. Amakhasimende ethu athola isipiliyoni sezixazululo kanye nethimu esaphotha lezo ngxenye ezinikeza usizo ekuqoqeni ulwazi, ukucubungula kanye nokunikeza umbiko mayelana nolwazi olutholwe yikhasimende.

Ukusiza izinkulungwane zamabhizinisi kwenza ukwazi ukuthatha izinqumo ezingcono.

Yenza uguquko olusheshayo (Revolutionize) lwemakethe yocwaningo lwakho oluzokwenza ukuthi izinqumo ezithathiwe zilandelwe ngokushesha.